28/04/2025
Uthando lukamama❤️
(kusekuseni uThandeka no nina uMajobe bahlezi baphuza itiye)
Thandeka: mama ngyethemba ulale kahle (esho encumile ebuka unina)
Majobe: Yebo ndodakazi ngilale kahle, cha kuwena akubuzwa kubonakala ngokuvuka uthokozile wenze nesidlo esibukeka sehla esphundu magodide wami.(esho ejabulile uMajobe ngokubona indodakazi yakhe ikuthokozela ukuvuka ekuseni iphithizele egcekeni)
Thandeka: mama ngiyajabula njalo uma ngihlezi nawe sidla isidlo sobabili ngoba ngiyathanda kakhulu ukuchitha isikhathi nawe ngaso sonke isikhathi.
Majobe: ngiyabonga mtanami uma uzizwa uphelele mawunami, nami ngihlezi ngikuthandazela ukuba umzali oqotho kubantwana bami, nathi sisakhula abangani bethu kwakuba ibona abazali bethu ikakhulukazi ngoba babevame ukusicebisa njalo ngolwazi lokuziphatha nangempumelelo.
Thandeka: ilokho kanye okuye kungithokozise kakhulu ukuchitha isikhathi esiningi nawe ntombi yakwa Sthole, uyanginika amacebo nemicibisholo yokukwazi ukuvika izinto ezilimaza impilo nokukhula kahle komtwana, bheka nje manje ngizohlanganisa iminyaka engamashumi amabili nanye ngiyintombi ntoo!! (esho ngenkulu injabulo nokuziqhenya) ngiyaziqhenya ngawe mama wami uneziyalo ezinhle zempilo unwele olude Majobe.
Majobe: ngiyabonga ndodakazi yami uma uzibona izithelo zobuhle nokuzigcina ukuthi kubaluleke kanjani uma uyintombazane.
Thandeka: mama ukuzigcina usuke ungenzeli umzali kuphela kodwa nawe usuke uzenzela ngoba akusizi ukujaha impilo ezokunikeza umvuzo ongemuhle ekugcineni( esho emamatheka ngamazinyo awuthotho, isho inhle intombi yakoMphemba mayihleka kuthi faca ezihlathini).
Majobe: mina mtanami ngibonga isimilo sakho nokungilalela ungathi umama uyakulahlekisa ngoba phela ziningi nezinsizwa ebezibalisa ngawe kusho ukuthi wena uyayazi into oyifunayo empilweni.
P2 uyalandela❤️